Iqembu labafana abaneminyaka engaphansi kuka-20 ebelimele isifunda iLembe District Municipality emidlalweni yaminyaka yonke eyaziwa nge JG Zuma Football Tournament lidle umhlanganiso kulemidlalo lihlula izifunda ezili-10 eziphuma ngaphansi kwesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Lemidlalo eqanjwe ngalowo ngumongameli wezwe uJacob Zuma ibibanjelwe enkundleni yezemidlalo eShowe mhla zingama-23 kuZibandlela 2017.

Isikwati esinqobe umqhudelwano waminyaka yonke owaziwa nge JG Zuma Tournament. Lesi sikwati besimele isifunda iLembe District Municipality.

Ngokusho komqeqeshi wesikwati se ILembe uMnu. Mbuyiselo ‘Barthez’ Mbhele, lemidlalo ibinzima kakhulu kwazise badlale imidlalo emine ngosuku olulodwa futhi behamba nesikwati sabadlali bangangu-18 kuphela.

“Okube nomtheleka omkhulu ekunqobeni kwethu ukuthi uma ubheka i-District yethu iLembe kulonyaka ophelile sizuze okuningi, uma ubheka besinomdlali ophuma ukuyomela isifundazwe kuma winter games, ngiphinde ngaba nabadlali abebemele isikole iNguzana Primary School emidlalweni ye Kay Motsepe Schools Cup, sabuya sazophuma endaweni yesithathu kuma SALGA games.” Kuqhuba uMbhele obuye abe sethimbeni labaqeqeshi eqenjini iKwaDukuza United emangaze abaningi iguqisa i-Ajax Cape Town emdlalweni we Nedbank Cup nyakenye.

Umdlalo wokuqala isikwati se ILembe sishaye ese Zululand District Municipality ngo 3-1, emdlalweni olandela lowo abafana baka Mbhele baguqe ngo 1-0 beshawa UMgungundlovu babuy babuyela emqhudelwaneni njengabahlulwe kancono nokuvulele intuba yokuthi badlale nesikwati sase Mzinyathi. Umdlalo we ILembe no Mzinyathi uphele zibambene ngo 2-2, iLembe lanqoba ngo 5-4 sekukhahlelwa amphenathi. Emdlalweni wamanqamu iLembe no Mgungundlovu baphinde batholana kwanqoba iLembe ngo 1-0.

UMzo Mzoneli nendebe yakhe ngemuva kokuhlonzwa njengowenze kahle kunabo bonke kulomqhudelwano.

Umdlali ohlonzwe njengomdlali ovelele kulomqhudelwano ngu Mzo Mzoneli ohuma ngaphansi kwesifunda iLembe kanti nguyena obengumdlali omncane kunabobonke kulomqhudelwano njengoba eneminyaka eli-16.

“Ngingathanda ukubonga abadlali beqembu lami ngokuzimisela abakutshengisile, ngiphinde ngibonge ukuthenjwa ngomsebenzi ebenginikwe wona kwazise baningi abaqeqeshi ngaphansi kwesifunda sethu. Ukukha nje imenenja yeqembu uSphiwe Dube, Sizwe Zulu wakwa Sports and Recreation no Chairman we SAFA iLembe Kanye nabaqeqeshi esengisebenzisane nabo eqenjini iKwaDukuza United” kusonga uMbhele.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here