Wamukelwe njenge qhawe umdlali we Lamontville Golden Arrows egijima ku Premier
Soccer League uSiphelele Magubane ngesikhathi ebuyela ekhaya eMacambini ngaphansi
kuka masipala iMandeni Municipality. Lesi sibabuli somdlali siqulele amagoli ayisithupha
kule sizini ukusiza iqembu lakhe lingene ku top 8 kanti ufike elindwe ngabalandeli bebhola
likanobhutshuzwayo, izihlobo kanye nabangani ukumamukela nokumhalalisela ngokwenza
kahle nge sizini ka 2017/18.

UMagubane uphinde waqopha umlando ngokuba ngumdlali wokuqala ogijimela Abafana
bes’thende ukuklonyeliswa ngendebe ye ‘Goal of the Month’ kulandela uvotelwa kwegoli
lakhe alishaya kudlalwa ne Polokwane City njengelihle kunawo wonke ashaywe enyangeni
ka Ndasa. Lomdlali uzwakalise ukujabula ngendlela amukelwe ngayo waphinde waveza
nokuthi imvelaphi yomuntu ayisona isithiyo endleleni eya empumelelweni.

“Ngijabula kakhulu ukwazi ukuthi abantu base Macambini, endaweni engiphuma kuyona
bayawuthokozela umsebenzi wami. Ukuza kule sizini edlulile, kube khona ubunzima
engibhekane nakho kodwa ke ngasebenza kanzima ngoba benginesifiso nentshisekelo ukuthi
ngibonise abantu ukuthi akusho lutho ukuthi uqhamuka kuphi kodwa uma unothando
lwalento oyenzayo ungafinyelela noma ikuphi” kubeka uMagubane ngaphambi kokwengeza
ngokubonga bonke abantu abamxhasile kule sizini.

“Ngisebenze kanzima ngifuna ukufezekisa iphupho ebengifisa ukulifeza, ngikwazile
ukulifezekisa ngakora amagoli ayisithupha, ngakwazi nokunqoba i-Goal of the month ku
Ndasa nokuyinto ebingelula nakancane ukuthi ngikwazi ukushaya igoli elifana naleli.
Kuthatha ukuziqeqesha, ukuzimisela kanye nokuphokophela ukuthi ukwazi ukwenza into
efana nalena. Ngiyabonga kakhulu uxhaso kubalandeli abavotile nakubo bonke abantu
abangixhasayo”

Khonamanjalo, i-Golden Arrows, izovula isizini ka 2018/19 ngomdlalo we MTN 8 lapho
izogadulisana khona ne Orlando Pirates eqende endaweni yesibili kule sizini.
USiphelele Magubane (we hembe eliyisikoshi) ephahlwe ngamalunga omphakathi
ngesikhathi amukelwa eMacambini

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here